Inhlangano iMarch and March ibe nomhlangano nabanikazi bamabhizinisi iBawas, iTFS kanye neMidlands Butchery ukuze kuxoxiswane ngokuqashwa kwabantu baseNingizimu Afrika.
Ngokwesitatimende esikhishwe umxhumanisi wale nhlangano, uPretty Mbuyisa, la mabhizinisi avumile ukuthi azobaxosha abakuleli ngokungemthetho abasebenza emabhizinisini abo futhi axhumane neminyango yawo yezabasebenzi (HR) ukuze kubhekwe ukuthi zizoba ngakanani izikhala zemisebenzi ezingagcwaliswa.
Kuthiwa uma sekucacile ukuthi zingaki izikhala ezikhona, amabhizinisi azokwazisa inhlangano ukuze kuqoqwe futhi kuthunyelwe ama-CV abantu abafuna umsebenzi.
IMarch and March ithe iyaqhubeka nomkhankaso wayo wokugqugquzela ukuqashwa kwabantu baseNingizimu Afrika ngokulandela izindlela ezisemthethweni nangokuxoxisana namabhizinisi. Kuze kube manje, akukho zitatimende ezisemthethweni ezikhishwe yilawa mabhizinisi eziqinisekisa imininingwane yalo mhlangano.
