E-Zamukuthula Primary School, ngaphansi koMasipala Inkosi Langalibalele, kube nenjabulo enkulu namhlanje ekuseni ngesikhathi iMeya uMhlonishwa Mduduzi Myeza ivakashele lesi sikole ukuyolekelela abafundi abaswele izicathulo zesikole.
Lokhu kulandela izikhalo ezethulwe ngabazali kanye nothisha mayelana nezingane ezifika esikoleni zingagqokile izicathulo ezifanele. IMeya ithe ayikwazanga ukushaya indiva lesi sicelo, yabe isithatha isinyathelo ngokushesha sokuthenga izicathulo yaziletha mathupha esikoleni.

UMyeza uthe lokhu kwenziwa ngenhloso yokweseka izingane ezivela emakhaya aswele, ukuze zingazizwa zingaphansi kwabanye futhi zikwazi ukugxila ezifundweni zazo ngaphandle kwezithiyo.
Uphinde wanxusa imiphakathi ukuthi isondele ehhovisi likamasipala uma kunezinselelo ezifana nalezi, ukuze kusizwe ngokushesha.
Ugcizelele ukuthi ubuholi bakhe buzibophezele ekuletheni ushintsho oluzwakalayo ezimpilweni zabantu nsuku zonke.
“Sizimisele ukwenza umehluko. Sethembe ngentuthuko,” kusho uMyeza.
