UNDunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, namuhla uhole izingxoxo mayelana nokufudukela kwabantu kuleli okungekho emthethweni, njengengxenye yemizamo kahulumeni yokukhuthaza ubumbano emphakathini nokuqinisekisa ukuthi izindaba zokufuduka ziphathwa ngokuhambisana nomthetho.
Le ngxoxo ibibanjelwe e-Archie Gumede Conference Centre eMayville ngaphansi komkhankaso othi “Engangeni Ngesango Iyafohla.”
Lo mhlangano ubuhanjelwe abamele iminyango kahulumeni ehlukene, aMakhosi, izinhlangano zezenkolo kanye nezinhlangano zomphakathi, bonke benikela ngemibono neziphakamiso mayelana nale nselelo.
Uhulumeni wesifundazwe uthi uzibophezele ekuqiniseni ubumbano emphakathini, ukuphatha ukufuduka ngokuhambisana nomthetho kanye nokuqinisekisa ukuphepha nokuvikeleka kwabo bonke abantu bakwaZulu-Natal.
Izethulo ezenziwe kulo mhlangano zigcizelele isidingo esiphuthumayo sokuchitshiyelwa koMthetho Wezokufuduka kanye noMthetho Wokuphathwa Kwemingcele ukuze izinhlaka zomthetho zinikwe amandla engeziwe okuphoqelela imithetho yokufuduka.
Le ngxoxo ibhekwa njengesinyathelo esibalulekile sokulungiselela iNgqungquthela Yesifundazwe ngezokufuduka okungekho emthethweni, ehlelelwe ukuba ibe mhla zingama-25 kuNhlangulana 2026, lapho kuzobuye kuqhutshekwe nokudingidwa kwezixazululo zokubhekana nale nselelo.
