ZIDALE UMONAKALO IZIMVULA EMNAMBITHI NASEBERGVILLE

Izimvula ezinamandla ezihlasele izolo ntambama zidale izikhukhula emadolobheni aseThukela, ikakhulukazi eMnambithi naseBergville, kwaphazamiseka ukuhamba kwabantu nemisebenzi yansuku zonke. EMnambithi, umgwaqo uLyell Street uvaleke ngokuphelele ngenxa yamanzi amaningi agcwalise umgwaqo, kanti nezingxenye zikaMurchison Street zithinteke kakhulu, kwaphoqa izimoto ukuthi zisebenzise eminye imigwaqo. EBergville, izikhukhula zingene ezitolo eziningana, okubalwa neSpar, okudale ukuthi zivalwe okwesikhashana ukuvikela impahla nokuphepha…

Read More

OWOKUFIKA USHAYE WABULALA OWAYEYINTOMBI YAKHE EMTSHEZI

Umphakathi waseWembezi eMahhashini uthukuthele ugane unwabu kulandela isigameko esishaqisayo esenzeke izolo, lapho owesilisa wokufika okuthiwa uhlala kuleli ngokungemthetho eshaye wabulala owesifazane obeyintombi yakhe. Kuthiwa lo wesilisa ubemphoqa ukuthi babuyelane, kwagcina ngokuba kube nodlame oluholele ekushoneni kwakhe esigamekweni. Amaphoyisa abizwe ngokushesha kanti umsolwa uboshiwe futhi uvalelwe esitokisini, uphenyo luyaqhubeka. Umphakathi usuhlabe ikhwelo lokuthi kube nokubambisana namaphoyisa…

Read More

UGQAMISE UKUBALULEKA KOMKHULEKO EZIKOLENI UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO E-KZN

UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN umhlonishwa Sipho Hlomuka ugcizelele ukubaluleka kokukhuleka ezikoleni ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukufunda kuhamba ngendlela. UHlomuka obekhuluma nabafundi nothisha ehambele izikole ezimbili zaselokishini laseZakheni eMnqmbithi, iZakheni High School kanye ne-Ekukhuleni High School namuhla, uncome othisha nabafundi balezi zikole ngokwenza kahle nyakenye. Uthi lokhu kukhomba ukubambisana okuhle phakathi kwabafundi, othisha nabazali, “Into eyenze sivakashele lezi…

Read More

KUSAGUJWA NANAMHLANJE LAPHO ISAYONI SIKHOMBE UKUTHI KUGQITSHWE KHONA UMZIMBA WOWANYAMALALA EMNAMBITHI

Awukalilahli ithemba umndeni kaSiyabonga Vilakazi waseMnambithi eRooi njengoba namanje usagubha endaweni le ekhonjwe yiSiyoni njengendawo la kwagqitshwa khona umzimba wakhe. USiyabonga wanyamalala ngonyaka odlule ngo-April lapho agcina ukubonakala ethathwe nguMseshi wamaphoyisa kanye noMalume ayekade exabane naye,akaphindanga wabonakala. Ngokusho kwamaphoyisa bathi wabaleka ngaphambi kokufika esiteshini samaphoyisa waye wayoziphosa emfuleni. Umphakathi kanye nomndeni bazama izikhawu eziningi ukuthola…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved