Uvalwe thanqa umgwaqo endaweni yasePitas eMnambithi kulandela imibhikisho yomphakathi okhala ngendlela okuqashwa ngayo enkampanini yakwa-Defy Appliances.
Abahlali bavuke umbhejazana bavala umgwaqo, besola inkampani ngokuthi iqasha ngokwenzelela futhi ibeke eqhulwini abantu abangewona abendawo ngesikhathi abantu bendawo bengasebenzi.
Ngokusho komphakathi, kukhona imizi okuthiwa kuqashwe kuyo abantu abangaphezu koyedwa ngendlela engacacile futhi engenabulungiswa. Abanye bathi lokhu sekudale ulaka njengoba intsha yendawo iqhubeka nokuswela amathuba omsebenzi.
Ababhikishi bathi ngeke bawuvule umgwaqo kuze kube yilapho inkampani ichaza ngokusobala ukuthi ilulandela kanjani uhlelo lokuqasha nokuthi kungani abantu bendawo bekhala ngokushiywa ngaphandle.
Kuze kube manje, bekungakacaci ukuthi iziphathimandla noma abaphathi benkampani bazoxoxisana nini nomphakathi ngenhloso yokudambisa lesi simo esishubile.

