Kutholakale isidumbu somuntu wesilisa endaweni okulahlwa kuyo udoti e-Acaciaville, eMnambithi.
Ngokwemibiko etholakele, kuthiwa lesi sidumbu sitholwe ngomunye wabelusi obelusa kule ndawo. Kubikwa ukuthi umelusi uqale wezwa iphunga elibi, okube sekumholela endaweni lapho ethole khona umzimba womuntu osuwonakele kakhulu.
Kuthiwa umelusi ube esehlaba umkhosi, amaphoyisa abe esefika endaweni yesigameko ukuze aqale uphenyo.

Ngenxa yesimo umzimba obukuso, akukakaziwa ukuthi lowo muntu ungubani. Amaphoyisa asaphenya nokuthi ngabe lo muntu ushonele khona kule ndawo noma ulahlwe eseshonile evela kwenye indawo.
Uphenyo luyaqhubeka.

