Amaqembu ezepolitiki amelwe ePhalamende kuzwelonke anikezwe kuze kube uLwesihlanu ntambama ukuthi athumele amagama amalungu azosebenza kwiKomidi elizoshushisa uMengameli Ramaphosa ngodaba lombiko weSection 89 Independent Panel ngodaba lwePhala Phala.
Umhlaziyi wezomthetho u-Andries Nkome uthi uMengameli Cyril Ramaphosa manje ubhekene nesikhathi esimcindezelayo njengoba iPhalamende liqhubeka nohlelo lokumxosha esikhundleni.
“Isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sithi inqubo yokuxoshwa kukaMengameli ayimelanga ime ngaphandle uma kunomyalo wenkantolo othi ayiqhubeki,” kusho uNkome.
UNkome uthe lokhu kusho ukuthi uRamaphosa kufanele asheshe aqinisekise ukuthi isicelo sakhe sokubuyekezwa kodaba siyalalelwa ngokushesha.
“Lokhu kusho ukuthi uMengameli kufanele asheshe aqinisekise ukuthi izinqubo zokubuyekezwa kwodaba zenzeka ngokushesha futhi kufanele acele nomyalelo wesikhashana wokuthi, ngesikhathi kusalindwe ukubuyekezwa kombiko wekomidi elizimele, kumiswe inqubo yePhalamende yokuxoshwa kwakhe,” kusho yena.

