KUNQOBE I-ALL STARS YASEROOSBOOM EMQHUDAWANENI WEMBEKWA SOCCER TOURNAMENT


Kugcine kuphumelela iqembu le All Stars lase Roosboom emqhudelwaneni webhola iMbekwa Soccer Tournament obubanjelwe eMoba kule mpelasonto, lapho bekubangwa khona umklomelo wemali engu-R40 000.

Lo mqhudelwano uhlanganise amaqembu angu-32, waba nezinga eliphezulu lokuncintisana kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.

EBHOLENI LAMADODA (SOCCER)

Champions: All Stars (Roosboom)

Runners-up: Vee Jay Stars (Nongoma)

3rd place: Amalanda (Peacetown)

4th place: Abanganakiwe (Estcourt)

KWINETBALL YABESIFAZANE

Champions: Umlilo (Estcourt)

2nd place: Fireballs (Watersmeet)

3rd place: Seven Angels (Mhlumayo)

4th place: Butterflies (Peacetown)

Bezigadulisana kanje kuMbekwa Soccer Tournament eMnambithi ngempelasonto

USihlalo weMbekwa Sport Tournament, Mbongeseni Thabede, ubonge bonke abebeyingxenye yomqhudelwano, wathi indlela abahlanganyeli abaziphathe ngayo ikhombise ukuhleleka nokuziphatha okuhle kwezemidlalo.

Uthe umqhudelwano uhambe kahle kakhulu futhi unethemba lokuthi ngonyaka ozayo uzokhula nakakhulu, waphinde waveza isifiso sokuthi umklomelo wemali ukhushulwe ufinyelele ku-R50 000.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved