Ihhashi elivela eMajuba, uKhalelani, linqobe isicoco somjaho wamahhashi waseNgogo/Driefontein Horse Racing wango-2026 obubanjelwe eDriefontein, eNgogo eMnambithi.
Leli hhashi, elingelikaDokotela Mbatha, liqhubekile nokukhombisa ukusebenza kahle njengoba lisanda kuphuma isibili emjahweni iDundee July ekuqaleni kwalo nyaka. Umnikazi wehhashi, uMnuz D.E. Nkosi, uncome intsha ngokuzibandakanya kulo mdlalo, wanxusa nabesifazane ukuthi bangene kakhulu emjahweni wamahhashi.
Umhleli womjaho, uMnu Mzwa Mabaso, uthe abantu baseMnambithi sebewuthakasela kakhulu lo mdlalo futhi inani labawuhambele liyaqhubeka nokukhula minyaka yonke.
Nokho, uveze ukuthi inselelo enkulu kusewukuntuleka kwabaxhasi. Uthe ngenxa yalokho basaqhubeka nokwethula izimvu nezinkomo njengemiklomelo, njengoba besadinga ukwesekwa okwengeziwe ukuze umjaho ukhule futhi uthuthuke.
