ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sesikugxekile okuthiwa yimizamo yabanye abaseNdlunkulu yokusikhipha esihlalweni sobuKhosi bukaZulu. Lokhu sikusho ngesikhathi sikhuluma eMkhosini weSivivane obuseMashobeni ngempelasonto.
ISilo sithe akukho muntu onelungelo lokuxoxa noma lokuthatha izinqumo ngesihlalo sobuKhosi singekho sona, saxwayisa ngokuthi labo abahlela imihlangano ephathelene nesihlalo bazobhekana nemiphumela yezenzo zabo.
Kubikwa ukuthi kukhona abaseNdlunkulu abahlela umhlangano wokudingida udaba lwesihlalo sobuKhosi, kanti kuthiwa bahlose ukusebenzisa amavidiyo asabalale ezinkundleni zokuxhumana njengengxenye yemizamo yabo.
IPhini likaShansela kaZulu, uMntwana Africa Zulu, lithe le mizamo ngeke iphumelele, kanti okhulumela iSilo, uMpikayise Buthelezi, ugcizelele ukuthi iSilo siqinisekiswe ngokusemthethweni futhi akukho okuzoguqula leso simo. Uphinde wanxusa ukuba kube nokubuyisana eNdlunkulu kunokwandisa izingxabano.
