KWETHULWE UHLELO OLUQHASHE ABANTU ABASHA ABANGU 100 EMTSHEZI


ESTCOURT – IMeya yoMkhandlu waseINkosi Langalibalele, Mduduzi Myeza, ithi iyakuthokozela ukwethulwa ngokusemthethweni kohlelo lwe-Social Employment Fund olwenziwe namuhla eHholo Ledolobha e-Estcourt.

Kulomcimbi bekukhona noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, Ezokuvakasha kanye Nezemvelo KwaZulu-Natal, Musa Zondi, ogcizelele ukubaluleka kokutshala izimali nokweseka intsha ukuze kuthuthuke izwe laseNingizimu Afrika.

Umcimbi wanamuhla ubuhlanganisa imashi kanye nokutshalwa kwezihlahla njengophawu lokuhlonipha izisulu zodlame lwasekhaya

UMyeza uthe lolu hlelo oluqashe intsha kanye namalungu omphakathi engu 100 lwaqala ngonyaka ka-2021 ngemuva kokusayinwa kwesivumelwano phakathi kwe-Property Point kanye ne-Mkhambathini Chamber of Commerce and Industry.

Uveze ukuthi lolu hlelo selwenze umehluko omkhulu emphakathini ngokuhlomisa intsha ngamakhono okusebenza nokuyisiza ukuthi ikwazi ukuziphilisa nokondla imindeni yayo.

Uphinde wathi umcimbi wanamuhla ubuhlanganisa imashi kanye nokutshalwa kwezihlahla njengophawu lokuhlonipha izisulu zodlame lwasekhaya, nokukhuthaza ukuthula nobunye emphakathini.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved