UGWETSHWE IMINYAKA ENGU-8 UMLISA OWABANJWA EBA UPHETHILOLI KWATRANSNET


UMfanufikile Ntokozo Mhlongo ugwetshwe iminyaka engu-8 ebhadla ejele yi-Estcourt Regional Court ngokulimaza ingqalasizinda ebalulekile kanye necala lokweba.

Inkantolo iphinde yamgweba iminyaka emi-5 ngecala lokweba, kodwa lezigwebo zizosebenza ngasikhathi sinye (concurrently). Kule minyaka engu-8, iminyaka emi-3 imisiwe ngaphansi kwemibandela yokuthi angaphinde atholakale enecala elifanayo phakathi neminyaka emihlanu.

Icala livela esigamekweni esenzeka ngo-Okthoba 2023 eMooi River, lapho unogada wathola khona iloli elalishayelwa uMhlongo likaphethiloli limpompa uphethiloli ngokungemthetho emapayipini akwaTransnet.

Kuthiwa leli loli lagcwala amalitha angama-25 000 kaphethiloli, kodwa umshayeli wabaleka lapho unogada esondela.

Uphenyo lwabe seluthathwa yiHawks ePietermaritzburg, okwaholela ekuboshweni kukaMhlongo ngoMeyi 2024, ngaphambi kokuba agwetshwe manje.

Inkantolo iphinde yamemezela ukuthi akafanele ukuba nesibhamu.

Abaphenyi baseKZN bakwamukele lokhu kugwetshwa, bechaza ukuthi kuyisinyathelo esibalulekile ekulweni nobugebengu obuhlasela ingqalasizinda ebalulekile.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved