ISIMO SESIBUYELE ESIMENI EMTSHEZI NGEMUVA KOKUPHANGWA KWEZITOLO ZABOKUFIKA


EMTSHEZI – Amaphoyisa asekwazile ukunqanda izigameko zokuphanga ebeziqhubeka eMtshezi namuhla ntambama, lapho kuphangwe khona izitolo eziyisithupha eziphethwe ngabokufika.

Ngokusho kwamaphoyisa, isimo sesibuyele kwesejwayelekile endaweni futhi akekho umuntu olimele ngesikhathi salezi zigameko. Amaphoyisa athe ayaqhubeka nokuhlola isimo ngenhloso yokuqhubeka nophenyo, kanti namaphoyisa azohlala ebonakala kakhulu endaweni ukuqinisa ezokuphepha.

Okuphawulekayo ukuthi izitolo zabokufika seziphinde zavalwa futhi kanye nezinye nje izitolo zivalile ngokwesabela ezokuphepha

Kusolwa ukuthi lokhu kuphangwa kuhlobene nentukuthelo yomphakathi ngemuva kokuthi abokufika bevulele iMeya uMduduzi Myeza icala enkantolo.

Lokhu kuza emuva kokuthi uMeya wayekhiphe umnqamulajuqu wokuthi abokufika abangenaso isibhamu esisemthethweni sokuhweba bavale amabhizinisi abo bahambe zingakapheli izinsuku ezingu-21.

Namuhla ntambama kulindeleke umhlangano phakathi kwehhovisi leMeya, amaphoyisa kanye nabanikazi besakhiwo lapho kutholakala khona lezi zitolo eziphangiwe. Inhloso yalomhlangano ukuthola isixazululo esizoletha ukuthula phakathi kwabantu bendawo, abokufika kanye neziphathimandla.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved