USALE EMABOKOBOKO OWESILISA OBEZAMA UKUBAMBA INKUNZI EBHETHANE

Umphakathi waseBhetheni eBergville,namhlanje ekuseni usuxebule kanzima owesilisa ongaziwa obesebaqedile abantu ngokubabamba inkunzi endaweni. Namhlanje bethi uzama ukwenza adume ngazo ebamba abantu abebeya emsebenzini kanti lizomlahla elakubo,umphakathi ubusumgadile,uthe ethi uyazama base bembamba baxoxanaye ngendlela yomphakathi wasala emabokoboko maqede bambizela isithuthi seziguli,engasakwazi kwenzani.

Read More

ULAHLWE ELAKUBO EBANJWA NEZIDAKAMIZWA EZINGABIZA U-R32 000 EMNAMBITHI

Owesilisa, 27, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi kulandela umkhankaso oyimpumelelo owenziwe ngamalungu ethimba lasoThukela District Task Team. Umsolwa oboshwe enkabeni yedolobha laseMnambithi ngemuva kokuthi amaphoyisa, abekade ejutshwe ngobuchule, ebambe imoto yakhe ngesikhathi emlandela. Amaphoyisa asola ukuthi lo mlisa ubesendleleni eyohlinzeka ngezidakamizwa kulabo abamdayiselayo ngaphakathi enkabeni yedolobha umnambithi ngesikhathi amaphoyisa emvimba. Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa athole amaphilisi angu-802…

Read More

KUTHUNGATHWA UMLISA ONYAMALALE EJAHWA NGONOGAGA EMNAMBITHI

Kusaqhubeka ukuthungathwa komlisa onyamalale ejahwa ngonogada edolobheni eMnambithi. Amaphoyisa-SAPS eMnambithi aqinise imizamo yawo kanye noWarrant Officer we-K9 Search and Rescue Officer uJacques Meyer kanye nozakwabo wezinja, uStorm. Amalungu omndeni nawo ajoyine ukucingwa kwakhe ngeSonto, 18 January. Lomlisa unyamalele kusukela ngomhlaka-5 Januwari kanti ugcine ukubonakala endaweni yase-Acaciavale. Ngokusho kwamaphoyisa, kuthiwa ubonakale ezama ukugqekeza isitolo sefenisha ngaphambi…

Read More

SIBI ISIMO EMPHAKATHINI ONGENAMABHULOHO WASENSETHENI OKHAHLAMBA

Umphakathi waseNsetheni eGcekeni nakwaMthonjwa usuhlalele ovalweni njalo njengoba kuhlasela izimvulanje, lomphakathi uwela imifula eyingozi okuyiKhuze,Nsetheni neBhudlu nsukuzonke ukuze ufinyelele ezindaweni ezifana nedolobha kanye nezikole. Izingane zakulendawo azikakwazi ukuya esikoleni selokhu kuvulwe ngenxa yamanzi amanengi emfuleni kanti nesikole sakhona iNsetheni Primary School sakhizwe ngodaka, okwenza singaphephi uma isimo sezulu singesihle. Kulendawo intuthuko isagqozile impela ngoba nemigwaqo…

Read More

BAKHALA NGOKUTHI ALUYI OLUBUYAYO ESIBHEDLELA I-EMMAUS.

Basovalweni lokungeniswa esibhedlela sendawo i-Emmaus Hospital abantu baseBergville ngenxa yokwanda kwezigameko zokudlula kwabantu abangeniswa kulesibhedlela. Isakhamuzi esikhathazekile sithinte iphephanda siqhaqhazela futhi sethukile ngakubize ngenkinga ababhekene nayo bengazi bazosizakala kanjani ngayo. Odabeni asendlalele lona elokudlula kwabantu besifazane abasuke beyoteta bengabe besabuya abanye badlula nabo abantwana babo kanti abanye bashiya amaswane. ” Ngikhuluma nawe nje sebebahlanu abantu…

Read More

ULAHLWE ELAKUBO EBANJWA NEZIDAKAMIZWA EZINGABIZA U-R32 000 EMNAMBITHI

Owesilisa, 27, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi kulandela umkhankaso oyimpumelelo owenziwe ngamalungu ethimba lasoThukela District Task Team. Umsolwa uboshwe ngoLwesibili, 13 January, enkabeni yedolobha laseMnambithi ngemuva kokuthi amaphoyisa, abekade ejutshwe ngobuchule, ebambe imoto yakhe ngesikhathi emkhankasela. Amaphoyisa asola ukuthi lo mlisa ubesendleleni eyohlinzeka ngezidakamizwa kulabo abazibiza “ngabagijimi” abasebenza e-CBD ngesikhathi amaphoyisa engena emvimba. Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa…

Read More

USABA UKUWELWA YINDLU OWESIFAZANE WASEWINTERTON OHLALA ENDLINI ENGEKHO ESIMENI NABANTWANA

Owesifazane waseWinterton kuward 14 ngaphansi kukaMaspala Ukhahlamba, uBuhle Mabaso, ukhala ngosizo njengoba ehlala endlini yodaka esesimweni esibucayi ekhombisa ukuthi ingawa noma yinini. UBuhle uhlala nezingane zakubo eziyisikhombisa endlini enegumbi elilodwa kuphela, ngemuva kokushona kwabazali babo. Uthi impilo abayiphilayo inzima kakhulu, ikakhulukazi ngezikhathi zemvula lapho indlu iba sengozini enkulu. UBuhle uveze ukuthi useke waya ekhanseleni lendawo…

Read More

IKHANSELA LIQALA UHLELO LOKUNIKELA NGOKUDLA EWARD 34

Ikhansela laseWard 34 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma, uMzuzwana Nkanyezi Magasela, seliqale ngokusemthethweni uhlelo lokunikela ngamafood parcel emindenini ehluphekayo kule ward. UMagasela uthe lesi sinqumo usithathe ngemuva kokuthinteka kakhulu ngesikhathi sikaKhisimusi, lapho ebona khona imindeni eminingi ingenakudla, ikakhulukazi izingane nabantu abadala. Uthe kwakubuhlungu ukubona abantu bedonsa kanzima ngesikhathi okwakumele kube yisikhathi senjabulo nokuhlanganyela. Uchaze ukuthi uhlelo…

Read More

ISHIPHELENE KOMASPALA KUBANGWA U-R80 MILLION WESIKWELETU

UMasipala Wesifunda i-UThukela uthathe izinyathelo eziphuthumayo zokuyisa uMasipala Wendawo i-Inkosi Langalibalele eNkantolo Ephakeme, kulandela izinsongo zokunqamula ugesi ezikhungweni zokuphehla amanzi ezikuloMaspala. IMeya yasoThukela, iNkosi NB Shabalala, isiyalele iMenenja kaMasipala, uMnu LS Jili, ukuthi anikele enkantolo ukuze kuvikelwe amalungelo omphakathi. UMasipala uThukela uthi lesi senzo sizobeka izimpilo zabantu engcupheni enkulu, sizothikameza ukusebenza kwezibhedlela, ukusebenza kwezikole, siphazamise…

Read More

KULIMALE OYEDWA KUSHAYISANA AMALOLI PHAKATHI KWECOLENSO NEWINTERTON

Kulimale kanzima umuntu oyedwa engozini ebandakanya amaloli amabili ku-N3 obheke enyakatho phakathi kweColenso neWinterton ekuseni ngoLwesine, 15 January. Abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko, nalapho kuqinisekiswe khona ukuthi amaloli amabili abeshayisane. Imbangela yengozi ibingakaziwa kanti kusaphenywa. Umzila uke waphazamiseka ngenxa yengozi okudale ukuthi kube nokuphazamiseka kwezimoto kule ndawo. Abashayeli abahamba kulo mzila bayanxuswa ukuthi baqhubeke ngokuqapha…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved