Amaphoyisa aseMnambithi ahlangane nosomabhizinisi bakwamanye amazwe abaningi abavalelwe izitolo zabo eMnambithi. Umhlangano ubuhanjelwe nabanikazi bezindawo laba bokufika abaqhashe kuzo.
Abokufika bachazelwe umehluko phakathi komuntu ofuna ukukhoseliswa (*Asylum Seeker*) nombaleki (*Refugee*), nokuthi ubani ovunyelwe ngokomthetho ukuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika.
Banikezwe nethuba lokubuza imibuzo, lapho abanye bebuze khona ukuthi bangakwazi yini ukuvula izitolo njengoba sebebhekene nendlala ngenxa yokungasebenzi.

Umphathi weSiteshi saseMnambithi, uBrigadier Mngadi, uthe isinqumo sokuvula noma ukuvala izitolo sisezandleni zabo, kodwa kufanele bacabange phakathi kokuphepha kwezimpilo zabo nomnotho wabo njengoba isimo sisabucayi.
Uphinde wavuma ukuthi namaphoyisa asaqhubeka nokufunda ngemithetho ephathelene nabantu bokufika, yingakho kwesinye isikhathi kuba khona amaphutha. Uveze nokuthi ukushoda kwamaveni okusebenza nakho kuyinselelo, wanxusa abokufika ukuthi benze izinqumo ezibeka ukuphepha kwabo kuqala.
