UMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu wamukele amaloli amanzi amane kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo oholwa umhlonishwa iMeya uKhansela uSikhumbuzo Dlamini namuhla mhlaka 23 July 2026. Njengoba kulethwe lawa maloli emasontweni azayo kulindeleke ukuthi kufike amanye nokuzokwenza ukuthi kugcine kufike amaloli angu-18 kuMasipala waseMfolozi.
Ngesikhathi kwethulwa amaloli uMeya ubonge uMasipala waseKing Cetshwayo ngokufeza obukuthembisile ukuthi uma kuqala unyaka wesabelomali kuzofika amaloli amasha ukuze kusizakale umphakathi. Kube sekuvela ukuthi uMasipala waseMfolozi iwona oswele kakhulu amanzi ingakho lomasipala uzothola amaloli amanzi angu18 ukuze alekelele kulesikhalo samanzi emphakathini eMfolozi.
