Ubekwe endlini yakhe yokugcina uSindi Mgoza okwabikwa ukuthi ulahlekile mhla zingu-04 kuNtulikazi 2026. Ngemuva kwemizamo yokumfuna, watholakala eseshonile mhla ziyi-17 kuNtulikazi 2026.UMeya woMkhandlu wesiFunda uMgungundlovu, uKhansela Mzi Zuma, ubeyingxenye yabantu hambele inkonzo yomngcwabo kaSindi Mgoza ebiKwaKhetha ngaphansi kukaMasipala waseMpendle.

UMeya udlulise amazwi enduduzo ngokusemthethweni emndenini wakwaMgoza,ebanika induduzo nokubeseka kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso. Uphinde wancoma umphakathi ngokubambisana kwawo okuhle nokuzinikela okuvelele ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wokufunwa kwakhe.
Ngemuva kokuqinisekiswa kokuboshwa komsolwa mayelana naleli cala, uMeya unxuse zonke izakhamuzi ukuthi ziqhubeke nokweseka umndeni wakwaMgoza njengoba amacala eqhubeka enkantolo. Ugcizelele ukubaluleka kokuhlonishwa kwezinqubo zomthetho ukuze kwenziwe uphenyo oluphelele futhi ubulungiswa bubonakale benzeka.
