Inhlangano i-March and March Movement ithi ngeke isasebenzisana noMnu Ngizwe Mchunu, kulandela uphenyo olwenziwe mayelana nezigameko ezenzeka ngaphambi nangemuva komhla zingama-30 kuNhlangulana 2026.
Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe ngemuva komhlangano ojwayelekile weNational Executive Committee (NEC) obungoLwesihlanu, zingama-25 kuNtulikazi. Inhlangano ithe imibiko yamaqembu ayo asebenzayo iveze izinsolo zokuthi kukhona osopolitiki, izigebengu namabhizinisi okusolwa ukuthi bazama ukudicilela phansi inhlangano nokudikibalisa amalungu ayo.
I-March and March iphinde yacela ukuthi umsolwa ecaleni lokuhlaselwa kukaNksz Nomthandazo Mbele-Victim athole isigwebo esinzima uma etholakala enecala. Ithi umsolwa kufanele adingiselwe ezweni lakubo uma eseqedile ukudonsa isigwebo.
Le nhlangano iphinde yahlonipha izishoshovu u-Andile Mvuyelwa Somgxada noThato “Senganga” Molosankwe, yacela amaphoyisa kanye ne-National Prosecuting Authority ukuba kusheshiswe uphenyo namacala okubulawa kwabo ukuze imindeni yabo ithole ubulungiswa.
