Uhulumeni usuthathe izinyathelo eziqinile ngokumelene namaqembu nabantu abazenza izikhulu zoMnyango Wezasekhaya, benza uphenyo olungekho emthethweni kubantu bokufika.
UNgqongqoshe Wezobulungiswa futhi ongusihlalo weKomidi LoNgqongqoshe Elibhekele Ezokufuduka, uMmamoloko Kubayi, uthe sekuboshwe abantu abayisikhombisa ePolokwane ngezinsolo zokuzenza izikhulu zoMnyango Wezasekhaya nokwenza ukuhlolwa kwezincwadi zokuhlala ngokungemthetho, kanti kwezinye izikhathi kusolwa nokuthi bebecela imali kubantu bokufika.
UKubayi uthe uhulumeni uyalihlonipha ilungelo labantu lokubhikisha ngokuthula, kodwa awusoze wavumela abantu basebenzise imibhikisho ukwenza ubugebengu.
Uthe amaphoyisa ayalelwe ukuthi aphenye zonke izigameko ezibikiwe futhi waxwayisa noma ngubani oqhubeka nalo mkhuba ukuthi awuyeke noma azobhekana nengalo yomthetho.
Uhulumeni uthe ukuphoqelelwa kwemithetho yokufuduka kusezandleni zezikhungo ezigunyaziwe kuphela, hhayi abantu abazithathela umthetho ngezandla.
UKubayi uphinde waxwayisa namaqembu aphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa ngesikhathi semikhankaso yokubopha abantu abangenazo izincwadi ezisemthethweni. Ubalule isigameko saseBellville lapho kubikwa khona ukuthi kube nokungqubuzana phakathi kwamaphoyisa nabantu ababephikisana nomsebenzi wezomthetho.
Mayelana nemibiko yokushona komuntu ngesikhathi saleso sigameko, uKubayi uthe lolu daba luphenywa yi-Independent Police Investigative Directorate (IPID), kanti umbiko uzodalulwa uma uphenyo seluphothuliwe.
