IMeya kaMasipala iNkosi Langalibalele, uMduduzi Myeza, ithengele uMnu Hadebe wasekwaMasuku, kuWard 8, istokwe sokuqala ukuze avule kabusha isitolo sakhe.
Ngokusho kweMeya, uHadebe wafaka isicelo sokwesekwa ukuze akwazi ukuvuselela ibhizinisi lakhe ngemuva kokuthi ikhonteyna yaakhe beyiqashiselwe umuntu wakwelinye izwe, owahamba ngesikhathi kuqala umkhankaso wokukhuculula idolobha.
UMeya uthe namuhla isicelo sikaHadebe siphenduliwe ngokumthengela istokwe sokuqala ukuze aqale ibhizinisi.
Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi weseke amabhizinisi avulwa abantu bendawo ngoba lokho kuzothuthukisa umnotho wendawo, kudale amathuba emisebenzi futhi kuqinisekise ukuthi ukudla okudayiswayo kuphephile kubathengi.
