Umphakathi waseMagangangozi eBergville uvale thaqa umgwaqo uCatherdral peak ufuna kwakhiwe isikole samabanga aphakeme kulendawo Isibuko High School.
Lesikole kubikwa ukuthi sekuphele iminyaka saphephuka kodwa asilungiswa.

Umnyango wezemfundo wake wavakashela lesikole wathembisa ukuthi sizoqalwa kabusha sakhiwe kodwa kuze kube manje asikaze salungiswa, lomphakathi uthi sewulinde isikhathi eside kodwa sekucacile ukuthi umnyango angeke usilungise lesikole uma bengasukumi.
