Abaholi abehlukene esifundeni saseThukela bagubhe uSuku lukaNelson Mandela ngokwenza imisebenzi yokusiza umphakathi.
OwayenguMeya woMkhandlu uThukela, ophinde abe yilungu lesigungu se-ANC KwaZulu-Natal, uSphiwe Mazibuko, uvakashele uMkhulu uDlephu Shangase (91) waseMhlumayo wamnika izipho. Uthe uMandela Day usuku olubalulekile kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
EWard 13 eMtshezi, uKhansela Lindani Mlaba uvakashele imindeni emibili kanye nezaguga, wanxusa umphakathi ukuthi ubambisane ekusizeni abaswele.
E-Alfred Duma, uKhansela Thabisile Njoko uhlele isidlo sasemini nezingane, ethi uMandela wayezithanda kakhulu izingane.
