UMasipala wase-Alfred Duma usugxeke kakhulu izigameko zokushiswa kwezitolo nokuzama ukuphanga amabhizinisi eZakheni.
Lokhu kulandela izigameko ezenzeke eKwaMthanti Crossing Rank, eduze kwebhuloho likaloliwe, nasezigcemeni uC2 no-A lapho kubikwe khona imizamo yokuphanga.
UMasipala uthi lezi zenzo zingamacala obugebengu futhi abathintekayo bazobhekana nomthetho. Unxuse umphakathi ukuthi uhlale uzolile, ungazithatheli umthetho ezandleni futhi ubike noma yiziphi izigameko emgqeni wezimo eziphuthumayo ku-036 637 2231.
Abanikazi bezitolo baphinde banxuswa ukuthi babhalise amabhizinisi abo ukuze bakwazi ukuhlomula ezinhlelweni zokwesekwa.
