Liyaqhubeka enkantolo ephakeme yaseThekwini ,icala labantu abangu-62 abasolwa ngokususa uthuthuva,ngezibhelu zikaJulayi 2021.
Abasolwa babhekene namacala ahlukahlukene, okubalwa kuwo ukuvukela umbuso,ukugqugquzela udlame emphakathini, phakathi kwamanye.
UMbuso uthi laba babamba iqhaza elikhulu ekuphangweni kwezitolo nasekubhebhethisekeni udlame,olwadala ukthi kudlule emhlabeni abantu abangaphezu kuka-350 kanye nokudala umonakalo owabiza izigidigidi zamarandi esifundazweni saKwaZulu-Natal nasezingxenyeni zaseGauteng eminyakeni emihlanu edlule.
