Iqembu le-ANC esishayamthetho sase-KZN ePietermaritzburg lifake umuntu ozongena esikhundleni sikaDkt. Ntuthuko Mahlaba odlule emhlabeni ngemuva kokushayiswa yimoto ngenkathi egijima emgwaqweni eNewcastle.
NgoLwesihlanu, uZinhle Cele, owayengumholi we-ANC Youth League esifundeni saseThekwini, ufungiswe uSomlomo wesiShayamthetho sase-KZN uNontembeko Boyce. UCele ubuyela esikhundleni ngemuva kokuba uhlu lwamalungu ePhalamende lwe-ANC lubuyekeziwe ukuze kufakwe yena njengolandelayo ozojoyina isishayamthetho.
Iqembu le-ANC esishayamthetho sakwaKwaZulu-Natal limamukele ngemfudumalo ukubekwa kwakhe esikhundleni sokusebenza futhi njengeLungu lesiShayamthetho sesiFundazwe.
UCele njengamanje usebenza kuThimba Lomsebenzi weesifundazwe le-ANC KwaZulu-Natal kanye nakuKomiti Elisebenzayo Lesifundazwe.
