Osomabhizinisi bokufika abaseMnambithi bakhala ngokuthi iziphathimandla ziqondise kubo kuphela uma kuvalwa izitolo ezisebenza ngokungemthetho, kuyilapho ezabantu basePakistan nabaseBangladesh zishiywa zivuliwe.
Omunye usomabhizinisi odabuka eTanzania, onebhizinisi lokugunda izinwele elivaliwe, uthe nakuba azi ukuthi useNingizimu Afrika ngokungemthetho, ubona sengathi kukhona ukwenzelela ekusebenzeni kweziphathimandla.
Uthe njalo uma kufika izikhulu zizovala izitolo zabo kuphela. Uphinde wasola ngokuthi nabanye osomabhizinisi basePakistan abanazo izincwadi zokuhlala nokusebenza ezisemthethweni, kanti uma bezinazo, usola ukuthi bazithole ngendlela engafanele.
Lo somabhizinisi uthe useqalile ukwenza amalungiselelo okushiya ibhizinisi lakhe nokubuyela ezweni lakubo, kodwa uthi kuyamzwisa ubuhlungu ukubona abanye beqhubeka nokusebenza.
Uphinde wasola izikhulu zoMasipala wase-Alfred Duma ngokuthi ziqinisa isandla kubo ngoba bengabokufika abamnyama.
