LUDLULISELWE KUMGCINIMAFA KAZWELONKE OLWETHENDA KA-137 MILLION KUMASPALA UTHUKELA

IKomidi lePhalamende lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu selinyusele kuMgcinimafa kuzwelonke udaba lwethenda ka-R137 million ethinta ukulungiswa kwemishini yokuphehla amanzi kuMasipala wesifunda sasoThukela ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Leli komiti lihlangane nobuholi bukaMasipala wesiFunda uThukela kanye noMasipala weNdawo Inkosi Langalibalele ngoLwesibili ukubheka inqubekelaphambili kulandela izikhalo ezivezwe ngesikhathi lihambele lo mkhandlu ngoJanuwari. Amalungu ekomidi atshelwe ukuthi kumanje umasipala wasoThukela usebenza…

Read More

UDKT BAHLE ZONDO UNIKELELE OSOMABHIZINISI ABASAFUFUSA NGO-R19 MILLION

Usomabhizinisi waseMnambithi uBahle Zondo, ongumsunguli wenkampani yomshwalense iAmahle Benefits Scheme, unikele ngo-R19 million ukuze kufukulwe osomabhizinisi abasafufusa ikakhulukazi abalimi. Lesi simemezelo senziwe ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-19 yasungulwa le nkampani emcimbini obubanjelwe eCecil Emmett Hall, Vryheid, KwaZulu-Natal, South Africa ngempelasonto ntambama. Ekhuluma emcimbini, uZondo uthe ukholelwa kakhulu ekuthuthukisweni kosomabhizinisi abasafufusa, ikakhulukazi emkhakheni wezolimo. Uthe inhloso enkulu…

Read More

IMEYA YASE-ALFRED DUMA IBONGE ABASEBENZI UMASPALA UQOQA IZINDONDO

IMeya yoMasipala Alfred Duma Local Municipality uMnu. Zama Sibisi ubambe isithangami sabezindaba namhlanje eveza ukujabula ngemiklomelo etholwe wumasipala emcimbini we Municipal Excellence Awards Ceremony obubanjelwe eThekwini ngaphansi koMnyango we KwaZulu-Natal Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs oholwa uMEC Thulasizwe Buthelezi. UMasipala i-Alfred Duma uhambe nemiklomelo eminingana okubalwa kuyo iBest Sustained Sound Financial Management Award,…

Read More

KUVULWE UPHENYO KUNYAMALALA ISIBHAMU KUMASPALA WASOKHAHLAMBA

Kuvele izinsolo zenkohlakalo emaphoyiseni kamaspala wasoKhahlamba eBergville kulandela ukuthengwa kwezibhamu nezinhlamvu okuthiwa azisekho lapho kufanele zigcinwe khona. Imibiko iveza ukuthi kuthengwa izinhlamvu ezingu-4 000, izibhamu ezingu-8 kanye nesibhamu esikhulu, kodwa akuzange kufike konke ehhovisi lamaphoyisa kamaspala. Kuthiwa ezibhamwini ezingu-8 ezathengwa, kwabhaliswa eziyisikhombisa kuphela kanti esisodwa asaziwa ukuthi sikuphi. Kuphinde kubikwe ukuthi kuthengwe nenhlokohlela yesibhamu kanye…

Read More

BAKHUMBULA IFEMU EYASHINTSHA IZIMPILO ZABANINGI EMTSHEZI.

Asisoze savaleka isikhala nobuhlungu obasala kwizakhamizi kanye nabasebenzi abathola ithuba lokuhlomula efemini iMasonite emtshezi. Lefemu ingenye yamafemu ashintsha izimpilo zabantu abaningi,yadala imisebenzi abanye bathola noqeqesho olusabasiza namanje ngaphambi kokuba ivalwe. Umphakathi uthi impela uma uhulumeni wethu nabaholi bengabukisisa kahle ushintsho olwenziwa ngamafemu afana nalawa ezimpilweni zabantu bese bezama ukuwabuyisa lokho kungaba yinto enhle kakhulu neyoba…

Read More

UMKHANKASO WOKUKHUCULULA IZINDAWO ZASE-INKOSI LANGALIBALELE UBUNKANISE EWEENEN NAMUHLA

Ithimba labasebenzi base-Inkosi Langalibalele Local Municipality lihole umkhankaso wokukhuculula idolobha eWeenen ngaphansi kohlelo lokugcina indawo ihlanzekile. Kulo mkhankaso kuhlanganyele abasebenzi bakaMasipala abavela emnyangweni weCommunity Services kanye nabasebenzi bezinhlelo zeEPWP neCWP. Leli thimba liphume liyokhuculula imigwaqo nezindawo zomphakathi ngenhloso yokugcina idolobha lihlanzekile nokwakha indawo ephilayo nenakekelwayo. UMeya Mduduzi Myeza uthe lo mkhankaso uhlose ukushiya umaka wokuthi…

Read More

UBUGCWELE USIZI NOMUNYU UMNGCWABO KASOMABHIZINISI WASEMNAMBITHI

Ubunomunyu nosizi umngcwabo kasomabhizinisi waseMnambithi uMndeni Mwelase (Nxumalo), njengoba umndeni, abangani kanye nomphakathi bebemvalelisa okokugcina. Inkonzo yomngcwabo ibibanjelwe eHholo Lomphakathi eSteadville, e-Area J, lapho izihlobo, abangani namalungu omphakathi behlangene khona ukuzokhumbula impilo yakhe. Abakhulume emngcwabeni bachaze uMwelase njengomuntu onomusa, ohloniphekile futhi othanda kakhulu umndeni wakhe. Bathi ubengumuntu osebenza kanzima futhi owakha ubudlelwano obuhle nabantu abaningi…

Read More

UHLABISA UVAKASHELE ISIFUNDA UTHUKELA OLUBHEKENE NEZINKINGA ZEZIMALI

Ithimba likahulumeni eliphezulu livakashele uMasipala wasoThukela okhungethwe yizinxushunxushu ngoMsombuluko njengoba lo masipala ubhekene nenkinga yezimali nokuhlinzekwa kwezidingongqangi. Ithimba beliholwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa kanti bekukhona noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uNgqongqoshe weCOGTA uMnuz Thulasizwe Buthelezi nePhini likaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mkhuleko Hlengwa. Lolu hambo lube yingxenye yokungenelela okuphuthumayo ukuze kuhlolwe izinga lezinselelo…

Read More

BAKHALA NGOKUNGANAKWA OTHISHA BEZINKULISA OTHUKELA

BAPHUME ngobuningi babo oThisha nabaphathi bezinkulisa ngaphansi kwesifunda uThukela bamashela emahhovisi omnyango wezemfundo kulesifunda ukuyodlulisa uhlu lwezikhalazo zabo. Phakathi kwezinto abakhala ngazo ukunganakwa kothisha basezinkulisa, inkohlakalo,ukungaphathwa kahle kwabaphathi bezinkulisa behlukunyezwa ngosonhlalakahle(Social worker ), ukuchema kosonhlalakahle ekusizeni abantu bezinkulisa,ukulwisana namakomidi nama forum ukuba angazenzeli ezinkulisa bekhona abaphathi bawo,ukuchema uma kukhethwa kwezinkulisa ezithola uxhaso kuhulumeni kanye nokuvunyelwa…

Read More

INKANTOLO IVUNE UMASPALA UTHUKELA KOLOKUVALWA KWAMA-AKHAWUNTI KAMASPALA

INkantolo Ephakeme yaseMgungundlovu iyalele ukuthi kuvulwe wonke ama-akhawunti asebhange kaMasipala Wesifunda saseThukela nokuthi yonke imali ekhishiwe ibuyiselwe engakapheli amahora angu-48. Esitatimendeni sabezindaba esakhishwa ngomhlaka-9 Mashi 2026, umasipala wamukele lesi sinqumo, uthi lesi sinqumo senkantolo siwusizo kakhulu futhi sizokwenza umaspala ukwazi ukuqala usebenze kahle. Inkantolo iphinde yavimbela inkampani ebivule icala ukuthi ingakwazi ukuphinde ivale lama-akhawunti kuze…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved