Abelaphi bendabuko abavela ezindaweni ezahlukene ezingaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma bahlangane eBurford ukuzobungaza usuku olubizwa nge-Traditional Medicine Day.
Lo mcimbi ubuhlanganise abelaphi bendabuko abaningi, lapho bephesheya khona ngezindlela zokuthuthukisa umsebenzi wabo kanye nezinselelo ababhekene nazo.Usihlalo wabelaphi bendabuko ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma, uProf Bhutiza Sibiya, ubonge abelaphi ngokuphuma ngobuningi bezoba yingxenye yalo mbungazo.
Nokho, uthe basabhekene nezinselelo ezinkulu njengoba kuze kube manje bengenawo amahhovisi abazosebenzela kuwo njengekomidi.
USibiya uphinde waveza ukuthi uMnyango Wezempilo uyasebenzisana nabo, kodwa kusekhona izinselelo kwezinye izikhungo zezempilo lapho kusenzima khona ukuthola abelaphi bendabuko abamele umphakathi emakomidini emitholampilo, njengoba kubekiwe ngaphansi komthetho abasebenza ngaphansi kwawo.
Uphinde wabonga ikhansela laseBurford, uMhlonishwa Mthokosizi Khoza, ngendlela elibambisana futhi elihlonipha ngayo abelaphi bendabuko.
Ngakolunye uhlangothi, uKhoza uthe ukujabulele ukuchitha usuku lwakhe nabelaphi bendabuko nokuzwa imibono yabo ngendlela abangakhulisa ngayo umsebenzi wabo futhi baqhubeke nokusebenzela imiphakathi yabo.
