INkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal, eMgungundlovu, ikhiphe umyalelo wokuthi kubuyiselwe kubanikazi bawo izakhiwo zamabhizinisi ebezivalwe ngesikhathi semikhankaso yokuhlolwa kwamabhizinisi.
Lo myalelo, okhishwe ngomhlaka 17 Agasti 2026, wenziwe ngokuvumelana phakathi kosomabhizinisi bokufika iningi labo okungabanikazi bezitolo(Spaza Shops) namaSaloon kanye noMaspala u-Alfred Duma, Amaphoyisa AseMnambithi kanye nongqongqoshe wamaphoyisa wakuleli.
Inkantolo iyalele ukuthi uMaspala nnamaphoyisa babuyisele ngokushesha abanikazi ezindaweni zabo zamabhizinisi, futhi basuse izingidi, amaketanga, izimpawu zokuvala noma ezinye izithiyo ezivimba ukungena.
Baphinde bayalelwa ukuthi bangaphazamisi abanikazi noma amakhasimende abo ekufinyeleleni kulezi zakhiwo ngaphandle kokuba kunomyalelo wenkantolo noma igunya elisemthethweni.
Lo mbango ulandela imikhankaso yokuhlolwa kwamabhizinisi eyenziwa uMasipala Wendawo i-Alfred Duma, okuhlanganisa ukuhlolwa kwezimo zenhlanzeko, izimvume zokuhweba kanye nokuhambisana nemithetho.
Uma lo myalelo ungahlonishwa, uSherifu weNkantolo eNkulu ugunyaziwe ukuthatha izinyathelo ezifanele zokuwuphoqelela, okuhlanganisa nokucela usizo lwe-SAPS.
