Abasebenzi bakaMasipala Wesifunda uThukela bagcine sebefikile ukuyobheka inkinga yesiphehli sendle elokishini laseTsakane eMnambithi, kulandela umbhikisho wabahlali abebefuna ukuthi umasipala angenelele ngokushesha.
Lokhu kulandela ukuthi abahlali bavuke ngovivi namuhla ekuseni, baya emahhovisi kaMasipala Wesifunda uThukela kuForbes Street beyobhikisha ngenxa yenkinga yendle osekuyiminyaka ihlupha imizi yabo.
Laba babhiishi bathathe indle bayoyithela emahhovisi kamasipala, befuna izikhulu zizibonele mathupha isimo ababhekene naso.Abahlali bathi indle isigcwele emgwaqeni, ingena ngisho nasemizini yabo, okudala ingozi enkulu kwezempilo nasemvelweni.
Bathi sebephindele kaningi ukubika le nkinga kodwa isixazululo esihlala isikhathi eside asikatholakali.IKhansela lewadi, uMnu Sithole, lithe izikhalo zifakwa mihla namamalanga kumasipala kusukela ngo-2021.
Uphinde waveza ukukhathazeka ngokuthi abahlali bayaqhubeka nokukhokhela izinsiza zikamasipala nakuba besabhekene nale nkinga.
Abahlali banethemba lokuthi ukuvakashela kwabasebenzi bakamasipala kuzogcina kuholele ekutheni kutholakale isisombululo enkingeni yendle yaseTsakane.
