BATSHELWE UKUTHI BENGABE BESAZIVULA IZITOLO ZABO ABOKUFIKA ABAVALE NGESIKHATHI KUNEMASHI EMTSHEZI
Kutshelwe abokufika abavale izitolo zabo ngesikhathi kunemashi eMtshezi ukuthi bangabe besavula ngoba bezivalule ngesikhathi kunemashi namuhla. Le mashi ibihlelwe yiMeya yaseNkosi Langalibalele, uMduduzi Myeza, ngenhloso yokubhekana nodaba lwabantu abangekho emthethweni kuleli. Imashi ibihanjelwe yizinkumbi zomphakathi waseMtshezi kanye nesishoshovu uPhakelumthakathi, lapho abahlanganyeli behambe ezitaladini bephethe izingqwembe ezibhalwe “Mabahambe”. UMeya uthe ukuvalwa kwezinye izitolo ngesikhathi semashi kubonisa…

