UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, umise izinhlelo zakhe, waya eWembezi ukuyoduduza umndeni wakwaDladla obusemanzini ngemuva kokudlula kwamalungu omndeni amahlanu engozini yemoto.
Abashonile nguGogo Dladla, 60, uThabani Dladla, 47, uSiyanda Patrick Dladla, 37, uNontobeko Dladla, 41, kanye no-Elihle Lusenhle Dladla, obenezinyanga ezintathu kuphela.
Lo mndeni ubungcwaba womahlanu amalungu awo izolo emngceabeni obuhanjelwe yizinkumbi zabantu futhi unesizotha.
UNgqongqoshe uthe udlulisa ukudabuka kwakhe emndenini nakubangani babashonile, wathi ukushona kwabantu abaningi bomndeni ngesikhathi esisodwa kuyinhlekelele enkulu emphakathini.
