Ubekwe endlini yakhe yokugcina izolo uBanele Manyoni, waseTsakane, EMnsmbithi, okusolakala ukuthi wadutshulwa ngesikhathi kunezinxushunxushu phakathi komphakathi nabokufika kuleli lokishi.
UBanele ubengumfana oneminyaka engu-20 kuphela, kanti umngcwabo wakhe ubuhanjelwe kakhulu yintsha yakule ndawo, efike izomvalelisa okokugcina.
Ngolwesine, kube nemashi yomphakathi ehlelwe yiMarch and March, ebibheke emaphoyiseni, lapho bekudluliswa khona izikhalo mayelana nesigameko sokubulawa kukaBanele.
Umphakathi usaqhubeka nokufuna izimpendulo mayelana nokwenzeka, njengoba lesi sigameko senzeke ngesikhathi kubikwa ukungezwani phakathi kwezakhamizi nabokufika kuleli lokishi.
