Inhlangano esiza abafundi nentsha, iClass Buddies and Study Buddies, ibambe umcimbi wokukhuthaza abafundi baseMatiwane njengoba sekusele izinsuku ezingaphansi kuka-30 ngaphambi kokuthi abafundi bakamatikuletsheni baqale ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka.
Lo mcimbi ubusehholo laseMatiwane, kanti uMqondisi wale nhlangano, uNdaba Mtanzi, uthe inhloso bekuwukukhuthaza abafundi bezikole ezahlukene zaseMatiwane naseJonono, okubalwa iNkosi Thembela, Mangcengeza, Masoyi, Mashobane kanye neZankosheni.
I-Class Buddies and Study Buddies isiza abafundi nentsha ekuthuthukiseni amaphupho, amakhono kanye namathalente abo ahlukahlukene.
Kulolu hlelo, abafundi bathembise uMhloli weSekethe, uNkkz. Mlotshwa, kanye nothisha bezikole zabo ukuthi bazosebenza ngokuzikhandla ukuze bagcine futhi bakhuphule imiphumela yezikole abafunda kuzo.
