Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) eThukela licele umphakathi ukuthi ulinike elinye ithuba leminyaka emihlanu ukuze liqhubeke nomsebenzi elithi liwuqalile wokulungisa izinkinga eziningi ezazikhona ngaphambi kokuba lingene embusweni.
Leli qembu belibambe isithangami sabezindaba ezindlini zamakhansela eWembezi, eMtshezi, lapho lichaze khona ngomsebenzi elithi liwenzile kule minyaka emihlanu liphethe uMasipala wesiFunda uThukela kanye noMasipala Inkosi Langalibalele no-Alfred Duma.
IPhini leMeya kaThukela, uMbuzeleni Mkhize, lithe kuningi osekwenziwe yi-IFP, ikakhulukazi ekufezeni amaphuzu ayishumi abekwe ku-manifesto yeqembu. Uthe nakuba kusekhona okudinga ukulungiswa, kunemisebenzi eminingi eseyenziwe.
UMeya wase-Inkosi Langalibalele uMduduzi Myeza naye ugqamise izinguquko ezenziwe yi-IFP ekuphathweni kukamasipala, athi sezenze ukulethwa kwentuthuko kwaba lula. uMyeza ubalule indaba yamapotholes athi sekuyindaba ewumlando emtshezi. uphinde wathinta futhi nezinhlelo abanazo njengomaspala wokufundisa abantu base-Inkosi Langalibalele emanyuvesi wachaza nokuthi abanye balaba bantu ababasa emanyuvesi sebeqhashwe yiwona futhi uMaspala.
IFP ithi kungaba yiphutha ukuyahlulela ngeminyaka emihlanu kuphela, njengoba izama ukulungisa izinkinga ezithathe iminyaka eminingi zakhiwa. Iqembu selicele abavoti baseThukela ukuthi balinike elinye ithuba ukuze liqedele umsebenzi eliwuqalile.
