UMeya kaMasipala Inkosi Langalibalele, uMhlonishwa Mduduzi Myeza, wethule ngokusemthethweni imishini yokusebenza entsha namuhla.
Lo mcimbi ubusehholo ledolobha eMtshezi, lapho uMeya ehlangane khona nabasebenzi bakamasipala ukuzokwethula le mishini.
UMyeza uthe ukutholakala kwale mishini kuzoba negalelo elikhulu ekuthuthukiseni izinsiza nokusheshisa umsebenzi kamasipala. Uthe imishini izoba wusizo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, lapho kusadingeka khona ukuthi kusheshiswe ukulethwa kwentuthuko nezinsiza kubahlali.
UMasipala uthi le mishini izosiza abasebenzi ukuthi benze imisebenzi yabo ngempumelelo futhi kuthuthukiswe indlela izidingo zomphakathi ezisingathwa ngayo.
