IMeya yoMasipala waseNkosi Langalibalele, uMhlonishwa Mduduzi Myeza, iqhubekile nohlelo lokuletha usizo emiphakathini ngesikhathi ivakashele iWard 16 ngaphansi kobuholi bukaKhansela Mkhize, lapho inikeze khona izakhamuzi izinsiza ebezicelwe ngaphambilini.
Abahlali bale ndawo bacele usizo olufana nolwamanye amawadi asevakashelwe, okubalwa izimbuzi, izinkukhu zamaqanda nezokudliwa, imishini yokuthunga, imishini yokwenza izitini, usimende, izingodo kanye nocingo lokubiya.
Abaziphilisa ngokupheka bathole amathuluzi e-catering ahlanganisa amabhodwe, izitofu zegesi namagesi, kanti osomabhizinisi be-internet café bacele ama-laptop namaphrinta. Kuthiwa ngesikhathi kusatshalaliswa lezi zinsiza, ihholo lagcwala injabulo nenhlokomo kubahlomuli.
IMeya iveze ukuthi iWard 16 ibe yiwadi yesi-11 kwezingu-12 ezikhethwe kuqala kulolu hlelo, kanti iWard 20 izoba eyokugcina kulesi sigaba.
Ngemuva kwalokho, umasipala uzoqhubekela kwamanye amawadi angu-12 asele ngaphansi kweLoskop Cluster kanye neCentral/Wembezi Cluster.
