Umengami we qembu i-Nkatha Freedom Party(IFP) uMnuz Velenkosini Hlabisa usechithe ukusebenzisana kwe IFP ne ANC kumaspala wese Mvoti ethi njengoba bekhankasa bayayinyundela I ANC futhi bafuna iphume KwaZulu-Natal ngakho ngeke nje bakwazi ukusebenzisana nayo.
Izolo bekuhleli umhlangano womkhandlu ngenhloso yokukhipha imeya yase Mvoti uMnuz Philani Mavundla.
UHlabisa uthi lento ayingenzelwa abathize kodwa akubhekwe ukuthi kuyiwa okhethweni manje ngakho kumele uhlakazwe loya maspala wase Mvoti bona njengesigungu esiphezulu seNkatha ngeka bakubusise ukusebenzisane ne ANC.
Ukusho lokhu ekhuluma ohlelweni lukamabonakude iMorning live namuhla ekuseni .
Umnuz Gabriel Malembe we IFP uqokwe njenge meya yase Mvoti kwathi u Nks. Ntombi Ngubane we ANC waqokwa njengo somlomo wamkhandlu.
UMalebe uke waba umeya wase Mvoti ngemuva kokhetho lango 2021 waphinde wakhishwa ngevoti lokungamethimbi I ANC ne ABC, njengobe izolo aphinde waqokwa ihlandla lesibili.
Kanti naye uMavundla, ekhuluma emsakazweni uKhozi FM izolo ohlelweni Abasiki bebunda ukuchithile ukukhishwa kwakhe, wathi lomhlangano akhishwe kuwo ubungekho emthethweni njengoba bekukhona isivimbelo senkantolo ebesivimba ukuthi uhlale lomhlangano.