Kukhala ipiki nefosholo eGlencoe njengoba kwakhiwa isithabathaba sesibhedlela esizimele esibizwa ngoMzinyathi Private Hospital.
Lesibhedle siqalwe ukwakhiwa ekupheleni kuka 2021 kanti kulindeleke ukuthi siphele ngo July 2025.
Kulesakhiwo lokhu saqala ngo 2021 sekuqashwe abantu bendawo yese Glencoe abangamakhulu amathathu( 300) kanti kusebenza osobambhizinisi bendawo.
Kuqhubeka kahle ukwakhiwa kwesibhedlela iMzinyathi Private Hospital okulindeleke ukuthi uphele ngonyaka ka 2025
Umphathi wenkampani i Paradigm Group uMnuz Steven Pillay uthi ukusebenzisana kahle nomphakathi wase Glencoe kuzokwenza kube namathuba amaningi kanjalo kuthi idolobha labo lithuthuke.
UPillay uthi lesibhedlele esizimele sizodla imali engu R20 million kanti ekupheleni kwaso kusazoba namanye amathuba omsebenzi ngoba kuzomele kube nabasebenzi abangu 250 abazo sebenza kusona.
Uthi Umzinyathi Private hospital uzoba sezingeni eliphezulu futhi sizokwamukela wonke umuntu odinga usizo lwezempilo elisezingeni lomhlaba.
Uthe lesibhedlela singahle sivulwe ngo December ngonyaka ozayo lapho sebe sesi sebenza khona ngokuse mthethweni.
Umeya kamaspala waseNdumeni uSyabonga Ndlovu uthi uyababongela abantu baseGlencoe ngalelithuba elihle kangaka futhi nangendlela abasebenzisana kahle ngayo neParadigm Group .
Uthi sekusemahlombe abo njengomkhandlu ukuthi beyonxenxa abanye abatshali bezimali ukuthuthukisa idolobha lase Glencoe.
Kanti umeya uthume uMnuz Steven Pillay ukuthi abize abanye osomabhizinisi kuze bezothuthukisa I Glencoe