Kube yintokozo yodwa ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkosikazi Nomusa Dube-Ncube evakashele endaweni yaseZakheni esigcemeni sakwa-C ngaphansi kukamaspala-Alfred Duma. UNdunakulu ubehamba ngohlelo olwaziwa ngokuthi iPremier’s Service Delivery Imbizo nokuyilapho uNdunankulu ehambisana neminyango eyehlukahlukene ukuzolalela aphinde aphendulo izikhalo zomphakathi ngezinkinga obhekene nazo.
UDube-Ncube ubehambisana noNgqongqoshe wezolimo uMnumzane uSuper Zuma, owakwaCOGTA Unkosikazi Sithole-Moloi, uNqgongoshe wezemidlalo namaciko kanye namasiko uMnumzane Ntuthuko Mahlaba.
Kulembizo izinhlangano zomphakathi kanye nosomabhizinisi abasakhula bahlomule ngoxhaso oluvela kuhulumeni olwehlukahlukene. Okugqame kakhulu ukuhlomula kwezinhlangano ezilwa nobugebengu emphakathi ama-Community policing Forums(CPF) ngezimoto ezizobasiza ukuthi baqhube umsebenzi wabo wokulwa nobugebengu obudla lubi kulendawo.
Kuphinde kwahlomula osomabhizinisi abangamashumi amabili abasafufusa abangaphansi kukamaspala i-Alfred Duma nabo abazihlomulele ngo-R25 000 woxhaso lukahulumeni ukusiza ukufukula amabhizinisi abo asakhula.
Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal,uphinde wethula uhlelo lweBusiness in a Box, okuwuhlelo lukahulumeni ngokubambisana neSumitomo/Dunlop yaseNingizimu Afrika.
UNjabulo Makhoba wase-Steadville, ungumnikazi we-150 Tire Shop, okuyibhizinisi elisafufusa elixhaswe nguHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali kanye neDunlop. I-150 Tire Shop igxile ekufakeni amasondo, amathayi amasha, amabhethri nokulungisa amathayi.
Umakhoba uthi wafaka isicelo sakhe njengawo wonke umuntu,” ngafaka isicelo lapho ngibona isikhangiso, ngahambisa uhlelo lwami lwebhizinisi. Ngemva kokuba indawo yami yebhizinisi ehlongozwayo isihloliwe, isicelo sami samukelwa.”
Ibhizinisi lakhe liqashe abasebenzi ababili abazoqeqeshwa.
ngaphandle kwalaba abahlomulile, kuphinde kwahlomula izingane zesikole ngamanyumfomu afaka amatrack suit, izicathulo, izikhwama, amasokisi nokunye.