Iqembu I-Action SA KwaZulu-Natal lishaya amakhala ngokungathuthuki kwedolobha lase Mnambithi nokungabi nengqalasizinda eseqophelweni elifanele.
Amalunga eActionSA aphume umkhankaso wokunxenxa amavoti njengoba kusele izinsuku eziyishumi nanhlanu ngaphambi kokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe.
Umholi we ActionSA ophinde abasembangweni wesobuNdunankulu kwaZulu-Natal uMnumzane Zwakele Mncwango uthi uhulumeni kumele afake imali ukuze kuthuthikiswe idolobha lase Mnambithi, ukusho lokhu njengoba ephume umkhankaso wokuhambela amadolobha ahlukene asezindaweni zasemakhaya ukuyocela ivoti kubahlali.
UMcwango obezifikele mathupha kuleli dolobha izolo uthi ukube kuyenzeka ngabe lelidolobha lakhiwa kabusha kutholwe indawo ngoba vele kuhlezi kunezikhukhula noma kungaba imvula encane kodwa igcina yenze umonakalo omkhulu.
“Thina njenge-Action SA sibona ngathi kumele kukhulunywe nabanikazi bamaplazi noma ababili nje badayisele uhulumeni ama plazi abo ukuze kuzokwakhiwa idolobha kabusha ngoba akusizi ukubekezelela into elimaza umnotho wesa Mnambithi oxhungayo vele. kanti uma kungenziwa idolobha elisha abantu base Mnambithi kukhona abangakuthola uma lakhiwa okungamathuba omsebenzi ” kuchaza uMncwango.