Kuboshwe owesilisa otholakale nezimpahla ezebiwe zenani lika-R14 000 ngesikhathi abomthetho belandela imininingwane kulandela isigameko sokugetshengwa kuhlonyiwe enkabeni yedolobha laseNewcastle ngenyanga edlule.
U-Imran Ghafoor, weNewcastle Crime Fighters Task Team, uthe yena nethimba lakhe bancinzwe indlebe ngoLwesine olwedlule ngokuthi amadoda amabili abandakanyeka esigamekweni sokugebenga sangomhla ka-8 Ephreli baphinde baphanga e-Amiel Park. Ithimba, lihambisana namalungu eVispol, litheleke ngehora lokuqala emini. Umsolwa oyedwa ubanjwe kwatholakala nezimpahla ezebiwe zabuyiselwa kumnikazi.
Isikhali esasetshenziswa ngesikhathi kugetshengwa siphinde satholwa sase sibhukhelwa kwaSAP 13.
“Kuhle kubo bonke abathintekayo; umsebenzi omuhle kakhulu,” kusho uGhafoor.