Imindeni yabavukuzi abathathu izidumbu zabo zisavaleleke ngaphansi emayini yaseLily ngaseBarberton, eMpumalanga, izwakalise ukungenami ngesiphakamiso sokunikeza abanikazi bangaphambili ilayisensi yokuqalisa kabusha ukusebenza.
IVantage Goldfields bekungabanikazi bemayini ngesikhathi ingxenye yayo iwa eminyakeni eyisishiyagalombili edlule, kwashona abavukuzi abathathu.
Izikhulu zoMnyango Wezimbiwa Namandla (i-DMRE) zimemezele ukuthi isinqumo sesithathiwe sokunikeza amalungelo okumba i-Vantage Goldfields.
Uphenyo ngalesi sigameko luphakamise ukuthi abanye abantu kanye neVantage Goldfield babekwe icala lobugebengu.
INkantolo Yomthethosisekelo iphinde yakhipha umyalelo wokuthi iBusiness Rescue Practitioner kufanele ibize umhlangano wabakweletwayo ukuze kunqunywe indlela eya phambili.
Okhulumela imindeni, uMnuz Harry Mazibuko uthi, “Simangele njengemindeni ngoba kusishiye nemibuzo eminingi kunezimpendulo, ngoba besihlezi nezigwebo zenkantolo; eyodwa evela eNkantolo yeMantshi eMbombela, ngemuva kophenyo kanye neseNkantolo yoMthethosisekelo engahambisani nalokho uNgqongqoshe ahlongozayo.”
“Ngakho-ke, sinemibuzo eminingi, asigxeki izinhlelo zikahulumeni njengezakhamuzi ezithobela umthetho kodwa sikhathazeke kakhulu ngalokho uNgqongqoshe ahlongozayo,” kwengeza uMazibuko.