Ilahlekelwe ngamaningi eMkhandlwini waseMzumbe ngemuva kokhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu.
NgoFebhuwari, leli qembu lamisa amakhansela alo ayisikhombisa ngenxa yokuhambela umhlangano oyisipesheli womkhandlu wokukhetha imeya entsha.
Abayisithupha kubo bamemezele ukuthi bazojoyina iqembu loMkhonto weSizwe.
Ngemuva kokhetho lwakamuva, i-IFP ne-ANC inezihlalo ezingu-17 zomkhandlu ngamunye, kwathi iqembu le-MK lathola esinye esisele.
I-IFP iwine amawadi amathathu ku-ANC.
I-ANC ibambelele emawadini amabili kuphela kwayisithupha ebiwavikela.
IPhini likaSihlalo we-IFP esifundazweni, iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala, lithi lo mphumela ubathusile njengoba bebengazi ukuthi abalandeli bazosabela kanjani esinqumeni seqembu sokusungula uhulumeni wobumbano wesifundazwe ne-ANC, DA neNFP.
“Besinomuzwa wokuthi abantu abasasithembi, okhethweni lokuchibiyela oluwu-12 sikwazile ukunqoba eziyisikhombisa, ikakhulukazi sikwazile ukuwina amawadi abengekho ngaphansi kwe-IFP njengodaba lwakho lwaseMzumbe. “