Uzigwaze ngowakhe owesifazane odabuka eThekwini ngomsombuluko ufike esigodlweni senyanga efuna usizo kanti kuzojika amatafula.
Iphephandaba lilunywe indlebe ngesinye isakhamuzi saseBergville ngodaba oluthinta owesifazane ogonyuluke enyangeni ngokubulala ingane yakhe engumfana.
UMbekezeli Mazibuko uyinyanga edume kakhulu endaweni yaseHambrook eBergville exoxixisana naleliphephandaba uvumile ukuthi lesi sigameko senzekile. UMazibuko uthi lowesifazane wafika wabika udaba lwakhe nokuthe uma engena esigodlwni kwasho khona ukuthi uma usungenile laphaya akudlalwa wabe esecela ukukhipha okungaphakathi kuye waqala wachaza indlela angezwani ngayo nabomndeni wakhe, okube sekushaqisa ukugonyuluka ngodaba lokubulala ingane yakhe akayizalayo wayiyogqiba ehlathini.
Lowesifazane uthi wabulala ingane yakhe yomfana eneminyaka elishumi nambili aqala ngokuyikhama wabe eseyilengisa maqede wangatshela muntu wayigqiba. Lesi yisizathu sokuyofuna ukusizwa ukuze asuswe ithunzi lalomtwana elimhluphayo.
Kuphethe ngokuthi kubizwe amaphoyisa aseBergville ukuze lona wesifazane ezokwazi ukuyobakhombisa lapho agqiba khona umtwana.
Sibuza inyanga ukuthi kusho ukuthini lokhu kuyo ukuthi umuntu afike ezocela usizo bese kwenzeka kanje ithe yona ayisebenzeli imali kodwa isebenzela abakubo kanye nomphakathi. Uqhybe wathi udaba lukasisi limenze wangacabanga imali kodwa wacabangela abantu, uthi kungenzeka baningi asebabulalile futhi baningi abesazobabulala ngakhoke kukho konke uphephise umphakathi kanye nokuvikela ubizo lwakhe”
Amaphoyisa aseBergville abe esehambisa lowesifazane emaphoyiseni angalapho edabuka khona ukuze kuqhutshwe uphenyo ngodaba lwakhe.