UMnu Musa Mnkwanyana owacela izithombe ezingcolile kumfundi ayemfundisa uGrade 11eGroutville Secondary, KwaDukuza ngonyaka ka 2022 isexoshowe.
UMNkwanyana kuthiwa wayevele exoxa nalomfundi ngo whatsapp njengoba nomfundi wathi uyamthanda. UThisha wabe esecela izithombe kumfundi nebala wazithumela, uthe uma esecela ezikaThisha uthisha wenqaba wathi ufuna ukuba azibonele ngamehlo.
Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usukuqinisekisile ukuxoshwa kukathisha icala lokufuna izithombe zezitho zangasese zomfundi yena wathumelela umphambili
UMkhandlu woThisha eNingizimu Afrika (SACE) uxoshe uMnu Musa Mnkwanyana ekufundiseni bathi akakufanele ukufundisa abantwana.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe babakhuzile othisha ukuthi bahlukane nokwenza izinto ezingalungile.
UMnkwanyana walahlwa yicala wumkhandlu wezabasebenzi abasemkhakheni wezemfundo (ELRC) ngoMeyi 8 nalapho ayemangalelwe umnyango wezemfundo kwaZulu-Natal.
UMnkwanyana uthi uyazisola futhi uyaxolisa ngesenzo sakhe, uthembisa ukuthi engenza noma yini ukulungisa iphutha lakhe. Ube esexolisa kubaba wengane kanye nomndeni.
Umehluleli omkhulu eMkhwandlwini wezeMfundo veKZN, uRaj Shanker, ubuchithile ubufakazi bukaMnkwanyana wabe esemlahla ngecala nokuthi axoshwe ngokushesha wuMnyango wezeMfundo ngoba akakufanele ukusebenza nezingane ngokomthetho wesigaba 120 weChildren’s Act.
Ubuye wathi kuzokwaziswa noMqondisi-Jikelele ukuba afake igama likaMnkwanyana kwawabantu abakhohlakele.