Lowo owayenguMsakazi woKhoziFM owayeshayela uhlelo lwenkolo olwalaziwa ngeNdumiso luthandwa kakhulu ngabaningi wabe esengena ebhizinisini elamfaka obishini wacasukelwa ngabaningi abatshala izimali zabo bemsola ngokugcini isithembiso sakhe bazithola belahlekelwa yizimali ezinkulu.
USbu ubhale ekhasini lakhe laku-Facebook ngeSonto ukuthi ngomhlaka-1 kuya kumhlaka-7 Mandulo uzobe eseThekwini bese ngomhlaka-8 kuya kumhlaka-14 Mandulo uzobe eseGoli ngezinhlelo zalo lelibhizinisi abombuso
Lokhu kushiye abaningi bemangele bezibuza ukuthi sebakhokhelwa na abagcina bekweletwa yilelibhizinisi lakhe.