Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UMNYANGO WEZASEKHAYA UZOCUBUNGULA UKUTHI UNGAKANANI UMONAKALO ODALWE YISIMO SEZULU SANGEMPELASONTO

Posted on 23 September 2024

Izikhulu zikahulumeni basekhaya zithi seziqala ukubala izindleko zomonakalo odalwe ukukhithika kukangqoqwane kulempelasonto. Leli qhwa elikhulu lishiye izinkulungwane zezimoto zibambekile eN3 eduze kwaseVan Reenen’s Pass.

Kuphuthunyiswe izinhlelo zokutakula kanye nosizo, kodwa owesifazane oshonile ubikwa ukuthi ushone ngenxa yokubanda kakhulu.

IN3 Toll Concession imemezele ngoMsombuluko ekuseni ukuthi imigwaqo isivuliwe ngokuphelele futhi izimoto sezihamba kahle phakathi kweTugela Toll Plaza neHarrismith.

Inhlangano yeGift of the Givers ithi amaqembu ezosizo oluphuthumayo abhekane nezimo ezinzima ukuze asize abashayeli ababebambekile. UMtshali wenhlangano, i-Imitiaz Sooliman, uthe amaqembu akhe afike ngoMgqibelo ekuseni.

“Ngesikhathi izigugula zisuka phakathi kwe-Estcourt neMooi River, amaqembu ethu ahamba ngemoto emuva kwazo. Afika lapho angasakwazi ukuya phambili, ahambe ngezinyawo kungqoqwane aze afinyelela ezimotweni ebezibambekile.”

Uqhubeke wathi abanye abebevaleleke ngasenyakatho nabo babedinga usizo, kodwa babengeke bafinyelele. Amaqembu aseqala ukusiza ngokuphonsa izikhwama, ukudla, amanzi nezinye izinto ngakolunye uhlangothi lomgwaqo.

Uphinde wathi baphinde basungula isikhungo sezimo eziphuthumayo e-Estcourt ngeSonto, besiza abantu abebebambekile.

Izikhulu zaseKZN zithe ziphothule izinhlelo zosizo ngemindeni ethintekile, kanti izinhlaka ezifana neSASSA seziqalile ukunikeza usizo oluphuthumayo.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme