UNgqongqoshe weCOGTA, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ufunge wagomela ukuthi omasipala abangasebenzi kahle bazohlakazwa.
UHlabisa ukhulume nabezindaba ngasohlangothini lwe-GNU Cabinet Lekgotla ebisePitoli izolo.
Uthi lokhu kuzibophezela kwesekwa ngokugcwele yiwo wonke amaqembu epolitiki angaphakathi kuHulumeni Wobumbano Lwesizwe.
UHlabisa uthi amaqembu angaphansi kweGNU avumelene ngokuthi kumele kwenziwe ngcono ukusebenza komasipala kanye nokulethwa kwezidingo kubantu.
“Kunomasipala abangenzi kahle njalo unyaka nonyaka kanti okumele ukwenze nje ukuthi ube nesibindi. Kuphakathi kokuthi uhambisa kulokhu noma sikuthathele izinyathelo ezinqala.”