Kushone oyedwa kwalimala abahlanu engozini yezimoto eziningi ngaseMandeni. Okhulumela i-IPSS Medical Rescue uKelsey-Jae Meyrick uthe izimoto ezine zishayisane emgwaqeni u-R102 ngoLwesibili ekuseni.
“Ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo kutholakale ukuthi izimoto ezine zishayisene.
“Kutholwe abantu abane benemihuzukwana, isiguli esisodwa salimala kanzima. Okubuhlungu ukuthi umuntu oyedwa utholwe elimele kabi kanti kuthiwa ushonile endaweni yesigameko.
“Ngenxa yokulimala kwesiguli esibucayi, kwathathwa isinqumo sokuvula indiza enophephela emhlane i-med-evac. Isiguli siphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane iNetcare911 ukuze sithole ukunakekelwa okwengeziwe.”